Uzichithe ubuchopho umfana bedlala

2012-12-05 10:01

Cape Town - Umfana oneminyaka engu-15 ubudala waseMitchells Plain, eKapa,  uzichithe ubuchopho phambi kwabangani bakhe, ngesikhathi edlala ngesibhamu kanti sihlohliwe, kubika iDaily Voice.

Ufakazi obekhona kwenzeka lokhu uthe uBruce Tobin ubedlala ngesibhamu, ngemuva kwemizuzwana ubeselele phansi eseshonile.

Imizuzwana ngaphambi kokuthi kuqhume isibhamu, umfanyana utshele abangani, ekhuluma isiBhunu ethi: "Ek gaan myself nou skiet (sengizozidubula)."

Ugogo womfana uthi ukholwa wukuthi umzukulu wakhe ubulewe.

Isihlobo uNatasha Michaels, 17, nabanye abangani abathathu, bebehleli bedlala endlini engaphandle ngesikhathi kwenzeka ingozi.

“Besihlezi sidlala umdlalo webhodlela, kuthe uma ibhodlela libheka ngakuye wathi usezozidubula." kusho uNatasha.

“UCecil, omunye umngani umtshele ukuthi akangadlali ngesibhamu kodwa sibe sesidubula."

Amaphoyisa awatholakalanga ukuba aphawule kuze kwashaya isikhathi sokushicilelwa kwephepha.



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-21°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-20°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...