Uzibulele umfundi ofeyilile
2012-12-05 10:01
Gabisile Ngcobo, The Witness
Durban - Umfundi ka-Grade 10 waseHeather Secondary School ukhethe ukuzibulala ngemuva kokuthola ukuthi ufeyile ukuhlolwa kwakhe, nokwenze wangakwazi ukubekezela.
Iphephandaba iThe Witness lithole ukuthi umfana ozilengisile ekubo utholwe umama wakhe.
Abazali bomfana bebethukile behluleka nokukhuluma.
Uthishanhloko wesikole uLovey Moodley uthe imiphumela yezivivinyo zokuphela konyaka ibisilungile ngoMsombuluko, kanti nomama wakhe umfana ufikile ukuyizolanda.
“Ngebhadi, akaphasanga. Uthisha wakhe wakhuluma naye lo mfundi ngaphambi kokuphuma kwemiphumela. Kubi ngoba ubesangakwazi ukuliphinda leli kilasi enze kahle,” kusho uMoodley.
Uqhube wathi iyaqala ukwenzeka into enjena kulesi sikole.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMuzi Mahlambi uthe kubadumazile ukuzwa ngalesi sigameko.
Umfana uzofihlwa (namhlanje) ngoLwesithathu.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness