Uzibulele othandana nephoyisa ebelinyamalele

2012-06-04 14:47

Durban - Owesilisa obethandana nephoyisa elinyamalele nobeboshelwe icala lokulibulala uzilengise washona ngaphakathi esitokisini samaphoyisa abeboshwe kuso, kubika iphephandaba iDaily Sun.

Umsolwa oneminyaka engu-32 ubudala obehlala nephoyisa uConstable Bongiwe Precious Zuma, 29, uboshwe ngemuva kokuthi akhombise amaphoyisa ukuthi wasilahlaphi isidumbu sikaZuma.

UZuma wabulawa washiswa, isidumbu sakhe salahlwa eBaynesfield, ngaphandle kwaseMgungundlovu.

Ngesonto ekuseni amaphoyisa athole umsolwa uNdumiso Mabaso elenga esitokisini esiteshini samaphoyisa eNew Hanover.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Joey Jeevan uthi uMabaso udabule ijakhethi yakhe wayisebenzisa ukuzilengisa.

UMabaso waboshwa ngemuva kwezinsuku eziyishumi kwanyamalala uZuma

Umama kaZuma uthi laba bobabili bathandana kusukela ngonyaka ka-2008, nokho babuye behlukana.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-9°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-19°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-18°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...