Uzibulele obehlekwa ngabangane ngokufeyila

2013-01-18 10:02

Durban - Owesifazane waKwaZulu-Natal uthi sisekude ukusuka emqondweni wakhe isithombe sendodakazi yakhe izikhunge esihlahleni ngebhayi le-ANC egcekeni lakubo.

UGugulethu Gumede, 16, ufeyile uGrade 11 ngonyaka owedlule eSithokozile Secondary KwaDabeka, kulandisa iDaily News.

Utholwe wunina, uNksz Ntombifuthi Khumalo, elenga esihlahleni esisegcekeni kubo ngoMsombuluko ntambama.

Umufi kuthiwa ubegconwa ngontanga yakhe baze bathi kufanele ayocela ukwedluliselwa phambili esikoleni.

Unina kamufi uthe wethuke woma ngesikhathi ethola indodakazi yakhe ilenga ekubeni ekuseni eyishiye iphila futhi ingenazo izinkomba zokuthi khona okuyixakile emphefumulweni.

“Ngesikhathi ngifika ngibuya emsebenzini ngithole ukuthi endlini kubiliswe amanzi ngebhodwe kanti phezu kwetafula (uGugulethu) ubebeke ubhontshisi abelungiselela ukuwupheka. Ngimemeze yonke indawo ngimcinga kodwa lutho ukumthola.

“Ngibe sengibona into emnyamana ezihlahleni ngazitshela ukuthi wuplasitiki kadoti ophoswe ngumakhelwane.

“Ngiya khona-nje ngiyobheka ukuthi yini lena ngiyathetha ngoba bengicabanga ukuthi khona umakhelwane ovele waphosa udoti wakwakhe emzini wami,” kusho uNksz Khumalo osebenzisa isibongo sakubo yize eshadele kwaGumede.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...