Uzame ukuzibulala umfundi obecwaswa

2012-11-13 12:01

Durban - Umfundi ka-Grade 11 ofunda esikoleni esiphezulu esizimele KwaZulu-Natal uzame ukuzibulala kulandela ukucwaswa ngokwebala ngabanye abafundi afunda nabo.

Intombazane, 18, eligodliwe igama layo, iTimesLive ibike ukuthi ishiye phansi ukufunda eHibberdene Academy yanqaba ukubuyela ngenxa yokucwaswa.

Omunye umfundi naye wayeka kulesi sikole ngo-Okthoba wangeniswa esibhedlela kulandela ukugula emphefumulweni ngenxa yokucwaswa, kusho umbiko.

Lo mfundi owenza u-Grade 11, wayengumngani omkhulu nale ntombazane ngaphambi kokuba adelelwe ku-Facebook nakhona esikoleni ebizwa ngenhlamba nangokuthi "iyintombazane engelutho", ecabanga ukuthi ngokuba nomngani womuntu omhlophe izoba ngcono kunabanye abantu abamnyama."

Uthishanhloko uThalia Simpson uthe yena zonke izingane zesikole uziphatha ngendlela elinganayo waphinde wathi lesi senzo asikhona ukucwasa.

Uthe lolu udaba lwamantombazane nje angazwani.

I-Independent Schools' Association of Southern Africa ilubhekile lolu daba yathola ukuthi ukuqondiswa kwezigwegwe okuhambisana nemigomo kwalandelwa izikhathi ezimbili.

UMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe uthe uzophenya.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 16-20°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...