Uzame ukuzibulala obizwe nguyise ngesidomu
2013-01-17 12:03
Pretoria - Intombazane, 18, izame ukuthatha impilo yayo ngemuva kokufeyila kwaze kwaba kabili uGrade 10 nokuthi ibizwe ngesidomu nguyise oyizalayo.
Le ntombazane, elingadalulwanga igama layo, inqatshiwe kulesi sikole esiseWinterveldt, enyakatho nePitoli, nokudale ukuthi izame ukuzibulala, kubika iTimesLive.
Ibe isingeniswa esibhedlela nalapho ithola khona ukwelulekwa ngokwezengqondo.
Uyise wale ntombazane uthi isikole sithe akayibhalise ekolishi noma esikoleni sabantu abadala.
Uthe: “Ngiyazisola ngokumbiza ngesidomu. Ngingumuntu onenhliziyo encane kanti bengibona sengathi akazimisele ngokufanele esikoleni."
"Ngidinga ukunikezwa ithuba, ukwesekwa nosizo ezifundweni ezingithwalise kanzima, nokuyiMaths Literacy
neBusiness Economics," kusho le ntombazane ikihla isililo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24