Uzama ukudlulisa isigwebo umbulali

2013-01-29 10:02

Johannesburg - Izama ukudlulisa isigwebo sayo indoda yakwaDambuza, eyagwetshwa udilikajele neminyaka engu-15 ngaphezulu, igwetshelwa icala lokubulala nokubamba inkunzi.

Ngenyanga kaJuni, inkantolo yagweba uTegogo Mofokeng, ngemuva kokuthi ebulale ngesihluku u-Indranie Thungavelu, ambulala ngokumshaya ngengidi.

UThungavelu wahlaselwa esekhaya kubo kuViolet Road, eHowick West, mhlaka-21 Agasti, 2009.

Wagcina eshonela esibhedlela iChief Albert Luthuli, ngemuva kwezinsuku ezimbili engenisiwe, ubufakazi bakhomba ukuthi umufi wayeyedwa ngesikhathi ehlaselwa.

Umshushisi woMbuso uDheelan Naidoo, uthi akumele uMofokeng avunyelwe ukuthi aphikise isigwebo, kulindeleke ukuthi iNhloko yamaJaji KwaZulu-Natal uChiman Patel namaJaji uRishi Seegobin noJerome Mnguni, bakhiphe isinqumo.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...