Uyazicanasela osolwa ngokudlwengula umzukulu

2012-11-26 12:03

Johannesburg - Indoda esolwa ngokugxisha umzukulu wayo izidakamizwa yase imdlwengula, namanje isakhululekile ayikaboshwa njengoba kuthiwa amaphoyisa aseRoodepoort adembesela ekwamukeleni umbiko.

Iphephandaba iThe Star labika lathi umfanyana oneminyaka engu-14 ubudala ubehlala nomkhulu wakhe ongesilo uzalo, lona uhlale nomkhulu izinyanga ezintathu ngesikhathi unina ebhekene nezinkinga zemali.

Kuthiwa umkhulu ubefaka izidakamizwa ekudleni komfana, umuzi unamakhamera afakiwe kuwo wonke amagumbi.

Umfana kuthiwa wabe esetshela ugogo wakhe ethi akazizwa kahle futhi unamaphupho amambi, umfana wabe esehanjiswa kudokotela kwatshelwa namaphoyisa.

Umphenyi wecala esiteshini samaphoyisa eFlorida, uthi ukudembesela kwamaphoyisa ekuqoqeni umbiko yikona okwenza lo msolwa azigcaluzele ngaphandle.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 7-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...