Uyawaphika amacala owabulala ababili

2012-11-27 10:01

Johannesburg - Umshayeli wemoto eyiHummer eyashayisa abantu abathathu ababehaba ngamabhayisikili, wahluleka ukulawula imoto yakhe, uvele ngaphambi kweNkantolo yesiFunda ePretoria North, wawaphika amacala abekwe wona.

Umshayeli wenza ingozi kwashona ababili kwalimala kambi oyedwa, ingozi yenzeka ngo-Okthoba ka-2010.

U-Indi Himalindi Chiyabu, 31, ubhekene necala lokubulala, ukushayela budedengu kanye nokubaleka ashiye indawo yesehlakalo waphinde wangasibika.

Umfanekiso oqoshiwe oveza okwenzeka ukhonjiswe ngaphambi kwenkantolo, kusho iphephendaba iBeeld.

"Imoto yathutha abagibeli bamabhayisikili yabashayisa yababhekisa ngala babeqhamuka ngakhona," kusho uWarrant Officer Terry Murphy.

UPieter Coetzee noJP Kruger, bashonela endaweni yesehlakalo kwathi indodana kaCoetzee uPieter jr. walimala kambi.

"Umshayeli weHummer akalandelanga imigudu yokushayela efanele," kusho uMurphy.

Imindeni yabashona ihlulekile ukuzibamba ngesikhathi kukhonjiswa umfanekiso wokwenzeka, kubika iphephandaba.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Light rain early. Morning clouds. Mild. Pta: 14-27°C Showery. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 10-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. PE: 13-15°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...