Uyavutha okuputshuke i-video yocansi engaye

2012-11-12 12:01

Durban - Owesifazane, ongaphansi kwenkolo yamaSulumane, udinwe uthelwa ngamanzi ngemuva kokuputshuka kwe-video yocansi ayeyenze nozoba ngumyeni wakhe ekhaya nekuthiwa igcwele i-internet.

Lo wesifazane, 35, waseThekwini utshele iTimesLive ukuthi useqaphe umphenyi ozimele wabeka nomehlokaboni ka-R10 000 ukuzama ukuthola ukuthi lezi zithombe zakhe ne-video kuphume kanjani.

Uthi i-video le ibisefonini yalowo ozoba ngumyeni wakhe njengoba ejwayele ukumthumelela izithombe zakhe enqunu uma ephesheya kwezilwandle.

Ngenyanga eyedlule uthole le video iphuma kumuntu angamazi wase efonelwa yizihlobo zakhe zimtshela ukuthi izithombe zakhe enqunu zinekwe ku-internet.

"Le video ibitholakala eThekwini, eGoli naseKapa. Abantu bathumelelana yona ngama-email nakuWhatsApp," esho.

Uthi wabe esethola ukuthi kukhona okwazi ukungena kuma-email akhe nowesoka lakhe ngomkhonyovu othile.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 11-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-26°C Showers late. a mixture of sun and clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...