Uyavela owadlwengula isalukazi eKZN
2013-02-26 10:02
Durban - Owesilisa osolwa ngokudlwengula isaguga uboshiwe KwaDindi eTaylor's Halt, ngaphandle kwaseMgungundlovu, kubika iphephandaba iThe Witness ngoLwesibili.
Umsolwa, 23, uboshwe ngeSonto ngosizo lomphakathi waKwaDindi.
Ugogo oneminyaka engu-91 ubudala wadlwengulwa ngeSonto eledlule KwaDindi endaweni yaseVulindlela.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Joey Jeevan uthe ugogo wayelungiselela ukuyolala ngezithuba zabo-21:00 ngesikhathi ngungqongqoza umuntu emnyango, nasewindini, kodwa waziba.
Ngemuva kwesikhathi owesilisa owayephethe ummese wangena ngewindi, kusho uJeevan etshela iWitness.
Umsolwa wamdlwengula kaningi ugogo kwaze kwalamula ukusa ngoMsombuluko. Wabe esesabisa isalukazi wasifuna imali.
"Sakhipha u-R250 esasiwufihle ngaphansi komqamelo," kusho uJeevan.
Uthe owesilisa lo uthweswe icala lokudlwengula, elokugqekeza nelokweba.
Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantsi yaseMgungundlovu ngoLwesibili.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA