Uyavela osolwa kwelika-Anene Booysen

2013-02-11 08:33

Cape Town - Owesilisa osolwa ngokudlwengula, acwiye izicubu zomzimba nokubulala u-Anene Booysen, uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBredasdorp mayelana nalesi sigameko.

UBooysen, 17, watholakala esigangeni ngoFebhuwari 2 elimele ngendlela exakile nokwagcina ngokuthi ashonele esibhedlela ngalobo busuku.

Ungcwatshwe ngoMgqibelo, kanti umngcwabo wakhe ubuhanjelwe ngamakhulu abantu eBredasdorp, eWestern Cape.

Kuboshwe amadoda amathathu ngokubulawa kukaBooysen.

Abanye ababili bazovela enkantolo ngoLwesibili.

Kuthiwa uBooysen wakhipha igama lomunye wabahlaseli bakhe ngaphambi kokuthi aphume umphefumulo.

NgeSonto, iSABC ibike ukuthi umholi weDemocratic Alliance uHelen Zille nomholi weqembu ePhalamende uLindiwe Mazibuko, bazoba yingxenye yombhikisho olwisana nokudlwengula ngaphandle kwePhalamende ngoMsombuluko.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-29°C Heavy rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 15-25°C More clouds than sun. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...