Uyavela obulale umuntu enkantolo

2012-10-16 12:03

Durban - Iyavela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eNtuzuma indoda esolwa ngokudubula ibulale ilungu leNkatha Freedom Party, okwenzeke emini kubuka abantu kanjalo namaphoyisa, kuyo le nkantolo ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Jay Naicker uqinisekise ukuvela komsolwa enkantolo ngoLwesithathu.

Ilungu le-IFP uSiya Dlamini udutshulwa nje, bekuvela enkantolo abasolwa abathathu abangamalungu eNational Freedom Party, abasolwa ecaleni lokubulawa kukaCebisile Shezi, ekuthiwa naye wabulawa ngoba eyilungu leNkatha.

Ikhansela le-IFP uMdu Nkosi uthe ubekhuluma nabezindaba ngesikahthi ezwa kuqhuma isibhamu.

"Bengikhuluma nabezindaba zakwa-e.tv ngesikhathi intatheli ithi angigobe, kuqhuma isibhamu," kusho uNkosi.

Ngokusho kukaNkosi, umsolwa uyilungu le-NFP.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...