Uyavela enkantolo uPistorius
2013-02-19 07:51
Johannesburg - Umsubathi oteketiswa ngelika"Blade Runner” u-Oscar Pistorius, kulindeleke ukuba avele enkantolo okwesibili nalapho ezofaka khona isicelo sebheyili ecaleni abekwe lona lokubulala intombi yakhe.
Ukuboshwa kukalo mgijimi, 26, kushaqe izigidi zabantu emhlabeni wonke njengoba bebemthatha njengeqhawe kwezokusubatha.
Intombi yakhe, unobuhle uReeva
Steenkamp, watholakala ebulewe emzini kaPistorius osePitoli ekuseni ngoLwesine.
Ngaleso sikhathi imibiko yayithi uPistorius umdubule ecabanga ukuthi yisigebengu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters