Uyavela enkantolo obefunwa uthuli eKZN

2011-09-07 09:41

Durban - Emuva kwezinyanga ebaleka, amaphoyisa agcine esembhadamile lowo ongomunye wezigebengu ezifunwa uthuli KwaZulu-Natal, uSiyabonga Ncikazi, kubika i-East Coast Radio.

UNcikazi, 26, nokusolakala ukuthi uyabandakanyeka ezigamekweni zokubulala ezingaphezu kuka-20, uboshwe ngamaphoyisa eSundumbili enyakatho neKZN.

Okhulumela amaphoyisa uVincent Mdunge uthe lo msolwa  - ophinde aziwe ngo"Papale" - kusolaka ukuthi ungungqo shishiliza weqoqo lezigebengu elaziwayo nelifunwa phansi phezulu mayelana nokugebenga imizi namabhizinisi eMariannhill, Hammarsdale nezindawo ezakhele lezi.

Amalungu ayisithupha aleli qoqo adutshulwa abulawa ngamaphoyisa ngesikhathi ezama ukugebenga ipulazi eRichmond ngoJuni.

UMdunge uthe uPapale uzovela eNkantolo yeMantshi ePinetown ngoLwesithathu.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Morning clouds. Cool. Pta: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-17°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...