Uyashoda uphethiloli - Umbiko

2012-10-01 16:40

Durban - Isiteleka sabashayeli bamaloli sesiqala ukuzwela kakhulu kubashayeli bezimoto kwezinye izindawo KwaZulu-Natal njengoba abashayeli bejika emagalaji bengawutholile uphethiloli, kubika iNewswatch.

AbakwaSouth African Petroleum Industry Association batshele iNewswatch bathi bayazama ukubhekana nenkinga yokushoda kukaphethiloli emagalaji.

Abashayeli abaningi eThekwini bathe sekunezinsuku ezimbili kunokushoda kwezinhlobo ezithile zikaphethiloli emagalaji.

Izindawo ekubalwe kuzo ukushoda zihlanganisa iBallito, Hillcrest, Umhlanga, 'Toti, Pinetown, Richards Bay, Eshowe kanjalo noMgungundlovu.

Amagalaji aseVerulam nawo kuthiwa aseqalile ukubhekana nale nkinga.

Balinganiselwa ku-20 000 abashayeli abadube amaloli bangena esitelekeni, kusukela ngoMsombuluko owedlule.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-28°C a few showers. Broken clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...