Uyaqhubeka umbhikisho wosomatekisi eThekwini
2012-05-18 14:05
Durban - Amakhulu abashayeli bamatekisi bahlangene eThekwini ukuqhuba umbhikisho wabo ongena osukwini lwesibili wokulwisana nokwenza kwamaphoyisa kamasipala.
Sekutshalwe amaphoyisa kuBotha Gardens njengoba kwesatshelwa ukuthi kungabheduka udlame.
Amaphoyisa ahlome ngamaloli amanzi kanjalo nesisi esikhalisa unyembezi.
Abashayeli babonakale bejwiya emoyeni izikhali ezihlanganisa amapulangwe, izagila, amapayipi ensimbi nokunye.
Amaphoyisa azama ukukhulumisana nesixuku ngenhloso yokusihlakaza.
Abashayeli bathi amaphoyisa omgwaqo abaphatha ngesihluku kunjalo abakhokhisa izimali kungenasidingo.
NgoLwesine kuqubuke impi phakathi kwabashayeli namaphoyisa kwalimala okungenani abantu abangu-20.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA