Uyaqhubeka umbhikisho eSasolburg
2013-01-21 08:03
Johannesburg - Izakhamuzi zaselokishini iZamdela eSasolburg, eFree State ziqhubekile nokubhikisha zimelene nokuthi sezizofakwa ngaphansi komunye umasipala, zavala imigwaqo ngoMsombuluko ekuseni, kusho amaphoyisa.
"Le mibhikisho iqale ngabo-05:00 ngoMsombuluko," kusho okhulumela amaphoyisa uConstable Peter
Kareli.
Kume nse ukufunda nokufundisa njengoba izingane kuleli lokishi zingalubhadanga ezikoleni.
Izakhamuzi zikhala ngohlelo lokuhlanganisa iSasolburg ibe ngaphansi kukaMasipala wakwaNgwathe, nongaphansi kweParys.
Kuboshwe cishe abantu abangu-90 ngokudala uthuthuva emphakathini ngemuva kokuzitapela ezitolo.
"Kuphinde kwaboshwa abanye abantu ngabo-03:00 njengoba bebeqhubeka nokuzitapela ezitolo," kusho uKareli.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA