Uyanconcoza ohlinzwe amabele

2012-06-28 12:01

Johannesburg - Ubonga uyanconcoza owesifazabe waseGoli ohlinziwe encishiswa amabele akhule ngesivinini ngendlela engahlelekile ngenxa yokudla amaphilisi athiba igciwane lengculaza angahambisananga nomzimba wakhe.

Isifo esihlasele lona wesifazane sibizwa nge-lipodostrophy okungukungasebenzi kahle kwamafutha adingeka kumuntu, uma amafutha engasahambi ngendlela, loyo ohlaselekile ukhukhumala endweni eyodwa ngokungahlelekile.

Lona wesifazane waphoqeka ukuthi ayeke umsebenzi ngenxa yokungazethembi ngenxa yesimo sakhe.

Izibhedlela iCharlotte Maxeke neChris Hani-Baragwanath zamphindisa emuva zingamsizi ngalutho.

Iphephandaba iSowetan labika ngosizi lwalona wesifazane, kwayima uMnyango wezeMpilo usukumela udaba lwakhe.

"Ngithokoze kakhulu. Kumnandi ukuzizwa ngingumuntu futhi, ngiyehluleka ukuchaza indlela engizizwa ngayo ngaphakathi, ngizizwa ngibusisekile,” kusho lona wesifazane.

UNgqongqoshe woMnyango wezempilo eGauteng uNtombi Mekgwe ugxeke abasebenzi bomnyango ngokungasukumeli udaba lwalona wesimame.

"Umnyango awusingathanga ngendlela lolu daba. Kwakumele sibe nozwelo kulona wesifazane. Kumele uma umuntu ebika ukugula kwakhe athole ukusizakala.”

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...