Uyaliphiksa icala uMpisane

2013-02-07 16:46

Durban - Usomabhizinisi waseThekwini uShauwn Mpisane utshele iNkantolo ebhekene namaCala ezamaBhizinisi eThekwini wathi uzowaphika wonke amacala angu-53 abhekene nawo.

Amacala kaMpisane ahlanganisa awokukhwabanisa nokuqamba amanga.

UMabongi Flora-Junior "Shauwn" Mpisane kuthiwa wathola amathenda kahulumeni ngemuva kokuhambisa imininingwano engasilo iqiniso kwabeConstruction Industry Development Board.

Wagcina ezuza amathenda ka-R140 million.

Esitatimendeni esihanjiswe ngummeli wakhe uJimmy Howse, ummangalelwa uthe uMbuso umthwesa amacala ngezehlakalo ezifanayo kuphela ushintsha amacala.

Uthe imali engu-R140 million wayithola ngamathenda amahlanu, ahlanganisa eka-R69 million engakaqali ukusebenza futhi engakakhokhelwa.

Uthi akukho muntu olahlekelwe ngale thenda.

Icala liyaqhubeka.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Morning clouds. Cool. Pta: 11-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 11-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...