Uyahlekisa uLekota - ANC

2012-07-31 14:32

Johannesburg - Kuyahlekisa ukwenza komholi weCongress of the People uMosiuoa Lekota, ukuthi agijimele enkantolo ayozama ukuphikisa ukumiswa kwakhe ePhalamende, nokho lokho kuzomsiza ukuthi aqonde imithetho yalo iPhalamende, kusho uSotswebhu we-African national Congress, uMathole Motshekga, esitatimendeni.

ULekota wamiswa yiphini likasomlomo ePhalamende ngesikhathi enqaba ukuhoxisa inkulumo ayenza ethinta uMengameli uJacob Zuma ngodaba olwabe luthinta isithombe sikaBrett Murray.

"Siyakwamukela ukuthi aye enkantolo, kuzomsiza ukuthi afunde okuthile, kuyadabukisa khona ukuthi ngemuva kweminyaka eminingi kangaka aba yilungu lePhalamende usengaze adinge inkantolo ukuthi imfundise ukusebenza kwalo."

ULekota wakhalaza wathi kuhlukunyezwe ilungelo lokukhuluma ngokukhululeka ngesikhathi kuvalwa isithombe sikaMurray, i-ANC ithe kulungile ukuthi lo mholi aye enkantolo kuze izomfundisa imchazele ngesigaba esingu-Section 58(1) kuMthethosisekelo, lakhona kuchazwa ngelungelo lePhalamende nelungelo lokukhuluma.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ukhonjwa esikhundleni esisha uPikoli

Emizuzwini eyi-25 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...