Uyaganga uMnyango wezaseKhaya - Abameli
2012-09-19 16:35
Johannesburg - UMnyango wezaseKhaya ubopha abantu bokufika ngokungekho emthethweni bese kusetshenziswa izindodla zemali kuhanjwa izinkantolo ngenhloso yokuthi badedelwe, kusho abameli ngaphansi kwenhlangano iLawyers for Human Rights.
"Ukuboshwa kwabokufika kwenziwa ngendlela engekho emthethweni," kusho inhloko yenhlangano i-LHR uKaajal Ramjathan-Keogh.
"Phezu kwemizamo eminingi yokuxhumana noMnyango, lokhu kuyaqhubeka nokwenzeka, kanti kuba nzima uma sekumele kudedelwe ababoshiwe,” kusho uRamjathan-Keogh.
Lokhu kuvele ngesikhathi inhlangano ikhipha umbiko obizwa nge "Monitoring Detention in South Africa".
Omunye wabameli kwa-LHR uThandeka Duma uthe kubukeka sengathi kukhona okuthile okungahambi ngendlela ngaphakathi eMnyangweni.
Umkhulumeli woMnyango uRonnie Mamoepa walile ukuphawula ngalolu daba.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).