Uyacwila umkhumbi waseNingizimu Afrika - Ramphele

2012-10-25 10:01

Johannesburg - Isishoshovu sezemfundo uMamphela Ramphele useqhathanise isimo semfundo yaseNingizi u Afrika nomkhumbi ocwilayo, kusho iphephandaba iBeeld ngoLwesine.

URamphele ubekhuluma engqungqutheleni yenyunyana yothisha iNaptosa, ebanjelwe eBenoni, uRamphele ungumsunguli wenhlangano iCitizens Movement, okuyinhlangano ebhekele ukwenza umehluko emphakathini.

Ekhuluma ufanekise imfundo yakuleli nomkhumbi owabe ushayelwa ngukaputeni uFrancesco Schettino, owabe esebuthongweni ngesikhathi kuminza umkhumbi wakhe, uthe uhulumeni ulele ubuthongo ekubeni abantwaba bebhekene negwadla, wathi abasebenzi bakahulumeni baze babelekise izingane zabo bazifake ezikoleni ezizimele.

URamphele uthi sekuyisikhathi sokuthi abazali kanjalo nabafundi basukume bame ngezinyawo balwele amalungelo abo.

"Angikhulumi nje kuphela ngodaba lokungahanjiswa kwezincwadi, ngikhuluma ngokushoda kothisha. Kudingakala abantu abaqeqeshekile nochwepheshe."





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 17-18°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 14-15°C Tons of rain. Mostly cloudy. Cool. Bloem: 14-18°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 18-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...