Uyabonakala kancane umsebenzi kaMokonyane - DA

2013-01-08 15:02

Johannesburg - UNdunankulu waseGauteng uNomvula Mokonyane kusamfanele ukubhekwa nakuba ubonakala umehluko emsebenzini wakhe, kusho oweDemocratic Alliance esifundazweni ngoLwesibili.

UMokonyane akenzanga kahle ngesikhathi ehluleka ukuvala izikhala zemisebenzi ezingu-14% emiNyangweni yesifundazwe, kanye nokubambezela ukukhokhela abahlinzeka uhulumeni ngezinsiza, kusho isitatimende somholi weDA esifundazweni, uJack Bloom.

UMokonyane uthole amaphuzu amahlanu kwayishumi embikweni we-DA, okukhombise ubungcono kunangonyaka owedlule.

"Ukwenza kangcono kudalwe ukuxoshwa kukaHumphrey Mmemezi esikhundleni sakhe sokuba uNgqongqoshe wezoHulumeni baseKhaya nezeZindlu, nokwenyuswa esikhundleni kwezikhulu ezintsha kwikhabhinethi lesifundazwe," kusho uBloom.

UNgqongqoshe wezeMfundo uBarbara Creecy nowezeMpilo uHope Papo, yibo abathole amaphuzu aphezulu ngokusebenza kwabo.

UBloom uncome uCreecy ngezinga eliphezulu lokuphasa eGauteng, kodwa wamcela ukuba avale igebe phakathi kwezikole zasemadolobheni nezasemalokishini."

Uthe uPapo ukhombise iqiniso ngezinkinga ezibhekene nimnyango wezempilo.

"Uyazibona izinkinga, nemibuzo uyayinaka, ngakho siyethemba uzophumelela ekuguquleni ezokusebenza kwezempilo aqede nenkohlakalo,"kusho uBloom.

UBloom uthe ongasebenzanga kahle kunabo bonke, kube nguNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uFaith Mazibuko, athe namanje akalazi iqhaza analo kwezamaphoyisa.
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kungene "umkhumbí' kwathula inkundla

Emizuzwini eyi-12 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...