Uya enkantolo owabe eyiphoyisa

2012-11-22 07:40

Johannesburg - Kulindeleke ivele ngaphambi kweNkantolo yesiFunda eMiddelburg, indoda eyabe eyiphoyisa esolwa ecaleni elithinta ukuzingelwa nokushushumbiswa kobhejane.

UJoseph Nyalunga ubhekene namacala ahlanganisa ukuzingelwa kobhejane ngokungethetho, ukutholakala nezimpondo zobhejane kanye nokusebenzisa budedengu imali, kusho iHhovisi loMshushisi womphakathi, ePitoli.

Okhulumela iHhovisi loMshushisi uMedupe Simasiku uthi uNyalunga waboshwa ngesikhathi amaphoyisa eqhuba uphenyo ngoDisemba ngonyaka owedlule.

Wabanjwa nezimpondo zobhejane ezine, ezihlanganisa ezimbili ezinkulu nezimbili ezincane, kukholakala ukuthi izimpondo ngezobhejane ababulawa esiqiwini iKruger National Park.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-26°C Sunny. Mild. Pta: 16-18°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-15°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. Bloem: 13-18°C Showery. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-19°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool. PE: 18-24°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...