Uxoshiwe umfundisi wenyoka esikoleni

2015-08-31 12:31

Johannesburg - Ibandla likamfundisi uPenuel Mnguni i-End Times Desciples Ministries angeke lisahlanganyela esikoleni samabanga aphansi i-Ayanda eSoshanguve EXT. 8 eTshwane.

Lesi isinqumo esithathwe yibhodi elengamele isikole, abaphathi  nabazali ngemuva komhlangano obubanjwe ngeSonto kuso lesi sikole.

Ibhodi elengamele isikole lizivumele ngokwalo ukuthi lavumela uMfundisi uPenuela Mnguni ukuba akhonzele ehholo lesikole.

NgoLwesihlanu abephephandaba iDaily Sun bashicilela udaba olumayelana nemashi yabazali eyayibheke emagcekeni esikole.

Laba bazali babefuna ukwazi ukuthi lo mfundisi wayithola kanjani imvume yokluba akhonzele esikoleni.

OLUNYE UDABA: Abe-EFF bebefuna ukudlisa umfundisi amagundane

Kusolwa ukuthi amanye amabandla amabili anqatshelwa ukuthi akhonzele kulesi sikole ngemuva kokuba bebeke imadlana etafuleni kodwa umfundisi wenyoka yena wakhipha imali engu-R3 000 wavunyelwa. Abazali emhlanganweni bafuna ukuba axoshwe owavumela uMnguni ukuba akhonzele esikoleni.

Usihlalo webhodi elingamele isikole u-Oupa Moloto uthe: “Sasivumelene nabazali ngaphambilini uukuthi sizothatha noma yiliphio ithuba elivelayo ukungenizsa imali esikhwameni sesikole.

“Umnguni sathi akakhokhe imali engu-R3 000 izinsuku eziyisithupha kodwa yena wasebenzisa ezintathu sase sesimbuyisela enye yemali ayeyikhokhile.”

Uthishanhloko uDavid Manopi uthe: “Senza iphutha elikhulu, angeke kuphinde kwenzeke.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook     

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...