Uxoshiwe umfundisi owakhumulisa abazalwane

2012-08-17 12:03
Yabelani Shicilela

Bloemfontein - Ugcine ngokuxoshwa umfundisi waseBloemfontein webandla iSeventh-day Adventist obekade esolwa ngokuthi wakhumulisa izithandani ezingu-17 ayekade eziyala ngaphambi komshado.

Umfundisi uSteyn Venter kuthiwa wayalela izithandani ukuthi azikhumule izingubo zigijime zibhushuzela wase ethwebula izithombe zabanye, kubika iphephandaba iVolksblad.

UVenter uxoshwe ngemuva kokulalelwa kwecala lakhe lokuqondiswa izigwegwe, kusho umengameli webandla KwaZulu-Natal naseFree State uBMP Ngwenya.

"Kubuhlungu lokhu okwenzeka kodwa kungcono ngoba sekuphelile ngakho," kusho omunye wabakhumuliswa.

Umbiko wephephandaba ngoJulayi, wathi izithandani zavuma ukuthwetshulwa kanti umfundisi nguye obegcina izithombe.

UVenter walile ukukhuluma nabezindaba.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Sunny. Mild. Pta: 9-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-16°C Morning clouds. Cool. Bloem: 6-20°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 15-25°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...