'Uwungoqo umyeni obulale umakhwapheni kankosikazi'

2015-05-08 07:59

Johannesburg - Umakhwapheni ufike endlini yentombi yakhe, wayifica inomyeni wayo embhedeni.

Ngesikhathi umakhwapheni evukwa yisikhwele ebulala amawindi, umyeni wentombi uphume nefosholo endlini.

Ukuhilizisana ngamazwi kulandelwe ukubambana ngezihluthu ngemuva kwalokho umyeni washaya isoka, uSello Defoe, 43, ngefosholo laze lashona.

Unkosikazi, wakhe, uDoris Mayimele, 49,  waseRietvallei eKagiso utshele iDaily Sun ukuthi ubemthanda kakhulu umakhwapheni wakhe.

Funda nalolu daba: Usatshiswe ngokubulawa ocula owokholo.

“Bengimthanda ngoba ubengenza ngizizwe ngibalulekile. Futhi wayengipha nemali, okuyinto angayenzi umyeni wami,” usho kanje.

Ngokusho kukaWarrant Officer Solomon Sibiya, umyeni elingeke lidalulwe igama lakhe okwamanje, uboshiwe ngecala lokubulala.

Uvele enkantolo ngoMsombuluko fkanti uzophinde avele futhi maduzane, kubika iDaily Sun.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Partly cloudy. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...