Uwu"Sathane" uZuma - Magaqa

2012-09-26 12:01

Polokwane - UMengameli uJacob Zuma usephenduke uSathane onamabibane emhlabeni ngendlela enza ngayo kwabaphikisana naye kwezombusazwe, kusho uNobhala Jikelele we-ANC Youth League omisiwe uSindiso Magaqa.

UMagaqa usho kanjena ekhuluma nabantu abangaphezu kuka-2 000 ekade behlangene ehholo lomphakathi ePolokwane, bebambe umlindelo ngaphambi kokuvela enkantolo kukamengameli wophiko owaxoshwa uJulius Malema.

Enkulumweni yakhe uthe izinkinga zikaMalema zaqala ngesikhathi ephumela esidlangalaleni ethi uZuma ushaya indiva uhlelo lwe-black economic empowerment, wathi uhlelo luhlomulisa abangani nezihlobo zikaZuma.

"Simesekile uMengameli uZuma, simenze waba ngumholi onohlonze. Phambilini uma ukhuluma naye ubungaze usho uthi ngimbonile uJesu Krestu emhlabeni, kodwa manje uma esenza izinto zakhe ungasho uthi umbone ngawakho uSathane," kusho uMagaqa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
5 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...