Uvulelwe icala uManci

2012-06-13 09:23
Yabelani Shicilela

Durban - Usomabhizinisi owake waba ngumengameli weDurban Chamber of Commerce and Industry, uClive Manci uvele ngaphambi kenkantolo ngecala lokwehluleka ukukhokha isikweletu sakwa-Ithala Development Finance Corporation.

Imibiko yeMecury ithi uManci ubhekene nesikweletu esingaphezu kuka-R2 million, uvele eNkantolo eNkulu eThekwini ngaleli cala.

Kuthiwa lesi sikhulu saboleka imali ngonyaka ka-2010 ngesikhathi sifuna ukuqala ibhizinisi lokudayisa ukudla iKeg and Spear.

IKeg and Spear Restaurant ibisebenzela enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, kumanje ivaliwe, kuthiwa abaphathi benkundla bayiphoqa ukuthi iphume iphele ngenxa yokwehluleka ukukhokhela indawo yokuqasha.

Ummeli kaManci uRikesh Sewgoolam akathandanga ukudalula okuningi ngalolu daba nokho uthe bayazama ukuphikisa icala elivulwe yiThala.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 9-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Haze. Warm. PE: 16-21°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...