Uvule icala owashaywa ngamaphoyisa

2013-01-25 12:01

Johannesburg - Indoda yaseGermiston, isivulele amaphoyisa icala ithi ayishaya phambi kwabantwana bayo abanemizwa engaqondile kahle, abahlale benesilokozane.

UBruce Swart uchazele iphephandaba iBeeld indlela ahlukumezeka ngayo ngesikhathi ephuma esidlweni sakusihlwa nengoduso yakhe uNatashia van Zyl, nabantwana babo uJayden, 4, noJustin, 2.

“Amaphoyisa angikhiphela ngaphandle kwemoto, elinye langinklinya, angiphushela phansi engicindezela," kusho uSwart.

Uqhube wathi: “Womabili amadoda angibamba ayenolaka futhi edelela. Afuna ukubona izincwadi zami zokushayela...ngangiqhaqhazela. Ngacela ukubuyela emuva emzini kamngani esasiphuma kuwo, ngiyozibheka khona."

Uthi amaphoyisa avuma, kodwa kwathi uma befika la kwakuyiwa khona, aqala phansi amshaya.

Indodana yami endala uJayden, wayesekhala engalawuleki, kusho uSwart.

“Ngazama ukumthulisa kodwa waqhubeka nokukhala. Ngikholwa ukuthi wayecabanga ukuthi babulala ubaba wakhe," kusho ingoduso kaSwart.

Abazali bathi zombili izingane zisethukile ngalesi sigameko.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...