Uvelile usomatekisi ngelokubulala owe-IFP

2013-01-16 14:04

Durban - Uvele kafushane eNkantolo yesiFunda eThekwini umnikazi wamatekisi nosolwa ngokuthumba abulale ikhansela leNkatha Freedom Party uThemba Xulu ngoLwesithathu.

Leli cala likaSanele Zondi, 34, lihlehliselwe uFebhuwari 14 ukunikeza isikhathi sokuthi kuqhutshwe uphenyo.

UXulu wathunjwa emzini wakhe esigcemeni sakwa-A KwaMashu ngo-Okthoba, ngamadoda ayisihlanu ayezenza amaphoyisa.

Isidumbu sakhe satholakala eTafuleni ngaseThekwini enamahlandla okudutshulwa.

UXulu watholwa ngabantu ababeyobheka amakhowe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. Pta: 4-17°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-12°C Sunny. Cool. Bloem: 3-12°C More sun than clouds. Cool.
Dbn: 10-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...