Uvelile unesi kwelokudlwengula isiguli

2013-02-06 12:02
Yabelani Shicilela

Bloemfontein - Unesi osolwa ngokudlwengula isiguli esasikhubazekile, futhi esasigula sibulawa umdlavuza eNational Hospital eBloemfontein ngo-Okthoba 2011 uvele eNkantolo eNkulu eFree State ngoLwesibili.

Isiguli, uMagda Lombard, owayeneminyaka engu-51 ubudala ngesikhathi kwenzeka lokhu, washonela eBloemfontein Medi Clinic ngemuva kwenyanga kwenzeke lo mkhuba, kubike iBeeld ngoLwesithathu.

Ngokwesitatimende esifungelwe sikamufi, esifundwe enkantolo umseshi u-Arlene Snyman, umsolwa, uMichael Moema, 33, weza egumbini likamufi ehamba nomunye unesi, okunguJanette Kgoame, wamhlukumeza ngokocansi.

UKgoame kuthiwa wasiza uMoema ngokuthi alokhu ephendula uLombard ukuze akwazi ukulala naye, waphinde wamvala nomlomo ukuze angamemezi.

"Lona wesifazane watshelwa ukuba athule,” kusho uLombard esitatimendeni, esanikwa isikhulu samaphoyisa uFrancois Laux ngemuva kwezinsuku ezimbili kwenzeke lo mkhuba.

Ngesikhathi edlwengulwa, wayekhubazekile isingezansi, nokwasekuphele isikhathi esingaphezulu konyaka ekuleso simo.

Watshela uLaux ukuthi nakuba engakuzwanga okwakwenziwa kuyena, kodwa wayebona, kanti wakhomba uMoema ezithombeni eziningi abamkhombisa zona.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...