Uvelile owelokufa kwabadlali bebhola

2013-02-22 16:06

Johannebsurg - Indoda eneminyaka engu-36 ubudala nebhekene necala lokubulala abadlali bebhola abane ngesikhathi idala ingozi yomgwaqo, ivele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMankweng, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

Icala likaMahlodi James Machete lihlehliselwe umhlaka-22 Mashi, kusho okhulumela amaphoyisa uConstable Moses Molepo.

Umsolwa ubhekene namacala okubulala, awokushayela edle amazwi amponjwana, kanye nokunika amaphoyisa imininingwano engasilo iqiniso.

Ingozi yenzeka ngenyanga kaNovemba ngonyaka owedlule.

Imoto kaMachete yashayisana netekisi eyayithwele abadlali abangu-25 beqembu iPolokwane City football club.

Kulesi sehlakalo kwashona uKhomotso Mpaketsane, Mojalefa Mphuthi, Koketso Takalo kanye noBenjamin Nthete.




 -“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 -Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...