Uvelile osolwa ngokuqola abagembuli
2013-01-07 13:03
Durban - Uvele ngaphambi kweNkantolo ebhekene nezamabhizinisi, owesifazane waseThekwini ekusolaka ukuthi ubeqola abantu abathola ezindaweni zokugembula.
Lona wesifazane ligodliwe igama lakhe kuze kuba uyahlonzwa ngokusemthethweni, kuthiwa wabe elutha abantu abahambele ama-casino aseThekwini abatshele ukuthi uzobaxhumanisa nesangoma kuze bezowina..
"Wayebalutha baye ndawana thize bese kwenziwa izaba thizeni, ekugcineni wayebaqola imali nobucwebe,” kusho okhulumela amaphoyisa uLieutennat-Colonel Jay Naicker.
UNaicker uthi omunye waqolwa ubucwebe benani elingaphezu kuka-R1 million.
Umshushisi woMbuso uthe abakwazanga ukuhlonza ngokuphelele umsolwa, njengoba kwakuhleliwe mhlaka 18 Disemba, ngenxa yokuthi lona wesifazane wazishintsha indlela ayebukeka ngayo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).