Uvelile osolwa ngokuqola abagembuli

2012-12-12 14:02

Durban - Uvele ngaphambi kweNkantolo yamaCala amaBhizinisi, owesifazane waseThekwini obhekene necala lokuqola amakhasimende abehambela ama-casino.

Icala lihlehliselwe umhlaka-7 Januwari, kuze kuzoqhutshwa kahle uphenyo.

Umsolwa ligodiwe igama lakhe, kuze kuba uyahlonzwa ngokusemthethweni, ubhekene namacala amathathu okukhwabanisa, kuthiwa wayetshela abagembuli ukuthi angabasiza abahlanganise nesangoma esizobasiza bawine.

Umshushisi uWendy O'Brien uthi bayisishiyagalolunye abantu asebephumele obala babika ngalona wesifazane.

"Ubehambela ama-casino asendaweni aluthe abagembuli abatshele ukuthi uzobaxhumanisa nesangoma kuze bezowina," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Jay Naicker.

UNaicker uthi kwesinye isehlakalo, umgembuli waqolwa imali nobucwebe obungaba ngaphezu kuka-R1 million, inkantolo itshelwe ukuthi lona wesifazane wayedaka izisulu zakhe bese eziqola.

Ukuhlonzwa ngokusemthethweni kuzokuba ngoLwesibili.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Showery. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...