Uvelile osolwa ngokubulala obezithwele

2012-12-12 12:01

Cape Town - Owesilisa uvele eNkantolo yeMantshi yase-Athlone ngezinsolo zokugwaza intombi yakhe ekhulelwe, nebifunda u-matric, yashona ngesikhathi kusuka isikhwele, kusho umbiko weDaily Voice ngoLwesithathu.

U-Avukile Njanya, 23, ungene esitokisini ngoLwesibili elimele ebusweni egqoke ijezi ebelinegazi.

Ushaywe ngumphakathi kulandela ukushona kukaNcebakazi Bili, 20, ngempelasonto.

UBili, obenza u-matric, nobenezinyanga ezingu-8 ekhulelwe, ugwazwe washona elokishini laseSamora Machel ePhilippi ngoMgqibelo. Nengane yakhe ebingakazalwa nayo ishonile.

Ngokusho kombiko, uNjanya kusolakala ukuthi uvukwe yisikhwele wabe esebulala.

Icala lihlehliselwe uLwesibili lapho okuzolalelwa khona isicelo sebheyili.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C Partly sunny. Warm.
Jhb: 14-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Morning clouds. Warm. PE: 18-30°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...