Uvelile osolwa kwelokuvukela umbuso wase-DRC
2013-02-12 10:04
Johannesburg - Sivele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yasePitoli isigayigayi esisisolwa ngokuba yingxenye yetulo lokuvukela uMbuso kaMengameli waseDemocratic Republic of Congo uJoseph Kabila, kusho umbiko wephephandaba iBusiness Day.
U-Etienne Kabila Taratibu usazoqhubeka nokuhlala esitokisini.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority uMedupe
Simasiku, uthe kubekwe obala amacala abhekene noKabila Taratibu, kulindeleke aphinde abuyele enkantolo ngoLwesine kanye nabanye abangu-19 abasolwa ngecala elifanayo.
USimasiku uthi bazosiphikisa isicelo sebheyili.
NgoLwesine olwedlule, kwavela iqulu lokuqala elibhekene naleli cala, umshushisi uShaun Abrahams uthi amaphoyisa athola uhlu lohlelo lwabasolwa kanye nezikhali.
U-Abrahams uthi amaphoyisa ayaphenya, ezifihlile, ahlangana noKabila Taratibu, ngenyanga ka-Okthoba, nala avuma khona ukuthi uhlela ukuvukela uumbuso wase-DRC.
Iphephandaba i-Agence France-Presse labika lathi uKabila Taratibu ungumfowabo kaMengameli uJoseph Kabila, nokho abazalwa yisisu esisodwa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA