Uvelile osolwa kwelokubulala

2012-11-12 16:33
Yabelani Shicilela

Empangeni - Ivele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMpangeni indoda ekusolakala ukuthi iyathinteika esehlakalweni sokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-50 ubudala, kusho amaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe icala lihlehliselwe umhlaka-19 Novemba, wathi umsolwa uzogqunywa esitokisini.

"Kukholakala ukuthi mhlaka-6 Novemba, uSigwamba Biyela wayehamba yedwa ngesikhathi ehlaselwa ngabasolwa ababili, oyedwa kubahlaseli wamdubula ekhanda washonela endaweni yesehlakalo," kuchaza uZwane

Umsolwa oyedwa waboshwa ngemuva kwesehlakalo, amaphoyisa asathungatha umsolwa wesibili.

Imbangela yokubulala ayikazeki.




  – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Partly sunny. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 8-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...