Uvelile enkantolo ngelokubulala umfana, 11

2013-02-28 10:00

Humansdorp - Umfana oneminyaka engu-11 ubudala uvele eNkantolo yeMantshi eHumansdorp ngoLwesithathu ngemuva kwezinsolo zokugwaza abulale omunye umfana, 6, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

“Uvele ehhovisi yeMantshi," kusho uWarrant Officer Basil Seekoei.

Lo mfana ongowaseSt Francis Bay, usolwa ngokugwaza umfana oneminyaka eyisithupha ngommese ngesikhathi besendleleni eya emakhaya bebuya esikoleni ngoMsombuluko.

Abazali bakhe babike ukuthi udukile ngesikhathi bebona engafiki ekhaya.

Isakhamuzi samthola ehlathini ngezithuba zabo-03:00 ngoLwesibili.

Abafana abayisithupha, abaphakathi kweminyaka eyisithupha nengu-11 ubudala, baphonswe imibuzo.

Umfana oneminyaka engu-11 ugcinwe ngamaphoyisa eJeffreys Bay.

Iphoyisa lihlanganise umbiko ozokwethulwa ngaphambi kwemantshi ngoLwesithathu.

IMantshi yenze isincomo sokuba umfana agcinwe endaweni yezingane ePort Elizabeth, okuyila khona udokotela wengqondo ezohlola khona.

Umfana uzophinde avele ngaphambi kwemantshi eHumansdorp ngoMashi 27.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...