Uvelile enkantolo kwelokushona kwabadlali

2012-11-30 07:55
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umshayeli weveni eyashayisa itekisi, kwashona abadlali bebhola abane, uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMankweng, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

UConstable Moses Molepo uthe uMahlodi James Machete, 36, uzophinde avele enkantolo ngoJanuwari 11.

UMachete kuthiwa unamanye amacala amathathu alengela ekhanda lakhe okubalwa elokushaya kanti sekukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe eKatlehong.

“Ummeli wakhe unqume ukungasifaki isicelo sebheyili ngemuva kokubona ukuthi uMbuso unecala eliqinile elibhekene nalo msolwa," kusho uMolepo.

UMachete ubhekene namacala amane okubulala, elokushayela edle amanzi amponjwana nelokunikeza iphoyisa imininingwane engamanga.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-19°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 15-25°C Mostly sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...