Uvele enkantolo oshise umfana nge-ayina

2011-11-15 16:27
Yabelani Shicilela

Durban - Usale emabhadubhadu emzimbeni umfana oneminyaka engu-15 waseZimangweni, eNanda, othi ushiswe ngunina ongamzali nge-ayina ngeSonto ngoba emsola ngokuba wuhlupho ekhaya, kubika iphephandaba iSolezwe.

Lo mfana ongeke adalulwe igama lakhe ngenxa yeminyaka yakhe yobudala, ushe esiswini, emhlane, emathangeni, ebusweni kanti ezandleni zombili unomaka wentambo akade eboshwe ngayo ngesikhathi eshiswa.

UCaptain Thulani Zwane wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe lo wesifazane uboshiwe ngecala lokuzama ukubulala kanti uzovela eNkantolo yaseNtuzuma maduze.

Uma elandisa lo mfana uthi unina ufike kwamngani wakhe eBhambayi ehamba nomfowabo ngoba efuna i-ayina lakhe abelithathile.

"Umama uthe angihambe ngiyomkhombisa lapho ngiliyise khona.

"Ngihambile nabo ngafike ngalithatha i-ayina ngabanika, sagoduka siya ekhaya. Kuthe uma sifika ekhaya umama wangifaka ekamelweni wangibopha izandla nezinyawo ngentambo okuboshwa ngayo imbuzi," kuchaza lo mfana.

"Ube eseqala engishisa la esiswini ngoba bengilele ngomhlane. Bengithi uma ngikhala athi angithule ngimbangela isicefe. Ube esengiphendula wangishisa emhlane nasemathangeni nala ngaphambili," kuchaza lo mfana.

Kuthiwa lo mfana usolwa ngokuhlupha ngokweba ekhaya.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-27°C High level clouds. Warm. Pta: 12-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 9-21°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 14-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...