Uvaliwe uthelawayeka eDe Doorns

2013-01-18 08:20

Cape Town - Usavaliwe namanje uthelawayeka uN1 eDe Doorns, nokuyilapho khona kuyisizinda semibhikisho yabasebenzi basemapulazini, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

ULieutenant Colonel Andrè Traut uthe akukabikwa zigameko zodlame kanti abezimoto bangahamba ngaphakathi edolobheni ukuze baxhume lo mgwaqo.

Izinkulungwane zababhikishi zimashe kulo mgwaqo ngoLwesine ntambama zidela ukushisa kwelanga njengoba zifuna ukuhola u-R150 ngelanga.

Le mashi ibiholwa yiBlack Association of the Wine and Spirit Industry (Bawsi), nemele abasebenzi abangekho ngaphansi kwezinyunyana.

ICongress of SA Trade Unions (Cosatu) yamemezela ukuthi lesi siteleka sizomiswa ngoLwesibili, ngaphandle kwesabaseDe Doorns njengoba bethi abagobi phondo kuze kube izimfuno zabo ziyazwakala, kanti abafuni kuxoxiswane ngazo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 5-17°C Passing showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...