Uthule du uReddy ngayiboleka uZuma

2012-11-20 16:28

Durban - Usomabhizinisi waseThekwini uVivian Reddy ongumngani wokuqina kaMengameli uJacob Zuma, unqabile ukudalula ukuthi malini ayiboleka uZuma kuze ezolungisa umuzi wakhe oseNkandla.

"Engikwenza nomengameli akuhlangene nabanye abantu, kuphakathi kwethu sobabili. Angizimisele ukuthi ngidalule konke ngobudlelwano bethu, ngaphandle nje kokuqinisekisa imali engu-R500 000 eyavezwa ngesikhathi kuqhubeka icala lenkohlakalo likaShabir Shaik," kusho uReddy.

Ubufakazi obavela ngesikhathi kuqulwa icala lenkohlakalo likaShaik, baveza ukuthi uReddy wakhokha imali engu-R90 000, ekhokhela omunye wemizi kaZuma ngonyaka ka-2002.

UReddy uveze ukuthi uZuma wamkhokhela yonke imali abe emkweleta yona, wathi uphinde wamboleka enye imali yokulungiswa komuzi wakhe oseNkandla.

UShaik ubuzwe ngendima abe nayo ekwakhiweni komuzi waseNkandla wathi akukho nokuncane akufakile kulesi sakhiwo.


 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-20°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...