Uthuka izanya umndeni wobulewe

2011-10-03 14:12

Durban - Uhlalele ovalweni umndeni wowesilisa waseMaoti, eNanda okuthiwa udutshulwe washona ngomunye bebanga indaba yeKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, ngesonto eledlule njengoba umsolwa esagcwele amathafa, kubika iphephandaba iSolezwe.

UNqobile Mzimela, 23, kuthiwa udutshulwe amahlandla amabili ngowesilisa wakwamakhelwane ngoLwesithathu olwedlule emuva kokuthi ethe ngeke abaphuzise abahamba nePirates kodwa uzophuzisa abahamba noMotaung uma ewine omunye wemincintiswano abeyingenele.

Uma elanda udadewabo, uKhanyisile Cibane uthi umfowabo ungumuntu ojwayele ukungenela imincintiswano esuke ifuna ukuthi umuntu abhale umqhafazo.

"Kuthe ngoLwesithathu kwangena i-sms ethi uwine u-R25 000 wabe esethi uya kumngani wakhe ukuze amboleke imali ukuze afone abheke ukuthi kungabe ngeminye yini imincintiswano abeyingenele le noma ngabantu abadlala ngaye," kusho uCibane.

Uthe akazi ukuthi lo bhuti wakwamakhelwane owaziwayo ukuthi ulandela iPirates wangena kanjani kulolu daba kodwa kuthiwa wabe esemshaya ngempama, wathi uMzimela uma exolisa wamdubula esiswini wamphinda ekhanda waphelela kwamngani wakhe.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant Colonel Vincent Mdunge uthe icala livuliwe, amaphoyisa ayaphenya.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesejele uPistorius

Emizuzwini eyi-21 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...