Utholwe elenga obesolwa ngokudlwengula

2013-02-21 08:35

Pietermaritzburg - Indoda, 50, eyabekwa icala lokudlwengula indodakazi yayo iphindelela eThekwini, itholakale izikhungile ngosuku olwandulela olokuyofaka isicelo sebheyili enkantolo eMgungundlovu.

Umsolwa ubebhekene nezinsolo zokuthi wakhulelisa indodakazi yakhe yaze yakhipha isisu.

Owamaphoyisa uLieutenant Joey Jeevan ukuqinisekisile ukuthi isiboshwa sitholakale silenga esitokisini esisesigcemeni sakwa-J eMgungundlovu, eNew Prison ngabo-20:50 ngoLwesibili.

Amaphoyisa athi le ndoda, engeke ikhishwe igama layo, ukuze kuvikelwe isisulu, isebenzise amashidi ukuzikhunga.

Ngokwamaphepha asenkantolo umufi ubesolwa ngokudlwengula ephindelela indodakazi yakhe, 12, eThekwini.

Waphinde wabekwa icala lokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...