Uthole udilikajele owabulala unogada

2013-01-16 16:11

Johannesburg - Indoda yaseThokoza izochitha impilo yayo yonke ejele, ngemuva kokuthi ilahlwe yicala lokubulala unogada womphakathi (community watch), kusho isinqumo seNkantolo eNkulu ePitoli.

UMandla Ntuli, 30, ugwetshwe iminyaka engu-73 esejele, kulandela ukulahlwa ngamacala ahlanganisa elokubulala, elokuzama ukubulala, elokubamba inkunzi, elokushaya ngenhloso yokulimaza nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Ekhipha isigwebo ujaji uWinston Msimekim, uthe uNtuli wabe eyingxenye yezigelekeqe ezabamba inkunzi isitolo uMnandi Spar, eCenturion, ngoFebhuwari ka-2009.

Iqulu lelo labulala unogada u-Andre Erlank, lahlukumeza nabantu ababekhona endaweni yesehlakalo libashaya, laphinda ladubula lalimaza kambi u-Louis Viljoen, 39, owabe esebenza nomufi.

Abaphangi babaleka nemali elinganiselwa ku-R19 000 kanye namaselula abathengi nawabasebenzi.

Abasolwa uMzokhona Sipho Nene, waseThokoza noSbusiso Sfiso Sibiya, waseNatalspruit, baboshwa kanye noNtuli, laba bayafunwa ngamaphoyisa njengoba banyamalala ngemuva kokunikwa ibheyilli.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kungene "umkhumbí' kwathula inkundla

Emizuzwini eyi-12 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...