Uthole udilikajele obehlukumeza izingane zakhe

2012-03-16 10:06

Johannesbug - Uthole udilikajele owesifazane obedayisa amadodakazi akhe asemancane ngokocansi kokunye abe khona abukele ngesikhathi amadoda ewanukubeza.

INkantolo yeSifunda yasePitoli imubone efanelwe wudilikajele, kusho umbiko weBeeld ngoLwesihlanu.

IMantshi uMariette Louw uphinde wagixabeza lo wesifazane ngeminyaka engu-31 ebhadla ejele, wathi lezi zigwebo zizohambisana.

Uyise wezingane uthole isigwebo seminyaka emihlanu esezikhindini.

Lo wesifazane, 34, utholwe enecala lokuhlela ukudlwengula, ukunukubeza ngokocansi nokuhlukumeza amadodakazi akhe.

Lezi zingane zazineminyaka eyisihlanu nemithathu ubudala.

Lokhu kuhlukunyezwa kwenzeka phakathi kukaJanuwari 2005 kuya kuDisemba 2007, nalapho lo wesifazane ayeholelwa u-R100 noma ngaphezulu njalo uma kulalwa nalezi zingane.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...