Uthole ubheyili owadala ingozi yomgwaqo

2013-01-28 16:32

Johannesburg - Inkantolo yeMantshi yaseMankweng, imnike ibheyili owesilisa obhekene necala lokubulala abadlali bebhola abane, abashona kwehla ingozi yomgwaqo, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

Umsolwa uJames Mahlodi, 36, unikwe ibheyili ka-R2000 kanti uzobuyela enkantolo mhlaka-22 Febhuwari, kusho okhulumela amaphoyisa uConstable Moses Molepo.

UMahlodi ubhekene namacala ahlanganisa awokubulala, ukushayela budedengu, ukushayela ephuzile kanye nokuphazamisa ukusebenza komthetho.

Kuthiwa lona washayisa itekisi eyabe ithwele abadlali bePolokwane City Football Club.

Itekisi yalala amankeyane, yase ishayiswa yibhasi eyabe ithwele amalungu ebandla iZion Christian Church, kulesi sehlakalo kwashona uKhomotso Mpaketsane, Mojalefa Mphuthi, Koketso Takalo noBenjamin Nthete.

Ngesikhathi uMahlodi eboshwa, waqamba amanga watshela amaphoyisa ukuthi igama lakhe nguSammy Maepa.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...