Uthole induku onqabe nejondi

2012-06-07 13:56

Johannesburg - Uthole induku owesilisa onqabe nejondi yakhe ngesikhathi indoda eshadile ekade isihluleka ukuzibamba icela ukuthi ababoleke indlu bathi ukuzithokozisa neshende ngaphambi kokuthi ibuyele ekhaya kunkosikazi, kubika iDaily Sun.

UBonisile Mpondo, 32, uthi unqabe nomjondolo wakhe ngoba ubengafuni umbhede wakhe usetshenziswe ngabanye abantu, uthi ekunqabeni kwakhe indoda lena ebisemfuthweni wokwenza ucansi ikhiphe lonke ilukuluku locansi yalukhiphela kuye.

 “Ngithe uma nginqaba wathukuthela, wangikhahlela wangigqema ekhanda. Ubebonakala ukuthi akasakwazi ukulinda, ubenamandla amangalisayo. Ngihluleke ngithi nyiyazama ukulwa."

“Kuthe kufika abafowethu bezokwelekelela bese vele ngilele phansi ngingakwazi kwakunyakaza, nginqabe ngoba ngiyamazi ukuthi ushadile, bengisaba unkosikazi wakhe."

UMpondo uthi umsolwa kumele  abhadle ejele ngalokhu akwenze kuye.

Umsolwa kuleli cala uthi akaze ayicele indlu kuMpondo uthi ubhecwa ngobubende engayidlanga inyama.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...